Uncategorised

BABHUKULELA EYOKUSESENGWA KWAMAXHAPHOZI

UMBIKO: ANDISWA MCHUNU

INHLANGANO eyengamele ukuvikelwa kwezemvelo i-Wildtrust ithi ifisa kwande isibalo sabafundi abazibandakanye nezifundo zokongiwa kwezemvelo.
Lokhu bakusho ngesikhathi beseManguzi, lapho le nhlangano esivule izikhungo zolwazi ezintathu, emphakathini waseNkovukeni, KwaDapha nase-Emabini.
UNksz Nosipho Mthabela okhulumela Inhlangano iWild Trust uthi bayazithakasela kakhulu izinhlelo zokuhambela imiphakathi, njengoba zilekekeka kakhulu izikole ngolwazi lokongiwa kwezemvelo nobumqoka bezifundo zezemvelo.
“Sisalihlaba ikhwelo lokuthi abafundi bangazibukeli kude izifundo zezemvelo kodwa basondele kuzo,” esho.
Uthi bahambela izindawo ukugqugquzela izinhlelo zokongiwa kwezemvelo baphinde baqhakambise izinhlelo asebezenzile ukulekela imiphakathi.