INJABULO UTHWALOFU EVAKASHELWA U-KHAWULA OBUKA

UNGQONGQOSHE uMnuz Mntomuhle Khawula encokola nobaba uThwalofu ngesikhathi bemvakashele.

UNGQONGQOSHE uMnuz Khawula, u-Ayanda Msweli, iMeya kaMasipala waseMthonjaneni, osomabhizinisi, izinduna namaciko ngesikhathi benikeza ubaba uThwalofu umnikelo ozomsiza ukuhlenga impilo yakhe. IZITHOMBE: MTHONJANENI MUNICIPALITY
NOMCEBO NGEMA
INGQALABUTHO kaMasikandi uMnuz Sipho “Thwalofu” Khoza, ubonge kakhulu kubo bonke abafake isandla ekumsizeni, njengoba engaphilile kulezi zinsuku.
Lo mcimbi wokwelula isandla wenzeke ekhaya layo le ngqwele Obuka kwesakwaBiyela, ngaphansi kukaMasipala waseMthonjaneni enyakatho nesifundazwe.
UNgqongqoshe woMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula, ubephelezelwa amaciko endawo okubalwa kuwo uSgwebo Sentambo no-TV Biyela kanye nobuholi bendawo no- Ayanda Msweli owayengumsakazi kuKhozi FM.
Lo Mnyango oholwa uNgqongqoshe uKhawula ukhiphe imali eshisiwe wavula isikhwama sokunakekela uThwalofu.
“Ngiyabonga kakhulu mfowethu uMsweli ngokufika kithina emahhovisi uzosibikela ngesimo ebesithanda ukungabi sihle, sikababa uThwalofu. Sibe sesiqala izinhlelo siwuMnyango ngokubambisana noMsweli ukuthi kube khona esikwenzayo ukuhlenga impilo kaThwalofu. Namuhla ngihambisana nosomabhizinisi ubaba uZondi, nomfowethu uMzindle, izinduna zeNkosi iMeya kaMasipala waseMthonjaneni uCllr Mbangiseni Biyela, amaciko nomphakathi. Sibe nesikhathi esimnandi nobaba uKhoza, uyabonakala ukuthi nakuba eke waba ntekenteke kodwa uqinile uNkulunkulu,” kusho uNgqongqoshe uKhawula.
Usizo ebebelulethiwe ulujabulele kakhulu uThwalofu.
“Engathi amaciko angakujwayela ukwesekana futhi avakashelane kanjalo nosomabhizinisi bakithi bawanake amaciko akithi,” kuphetha uNgqongqoshe uKhawula.
