UKHUZANI UDUDUZA UMNDENI KA-DJ BHOONU

UDJ Bhoonu odlule emhlabeni ngokukhulu ukuzuma.

INKOSI yomaskandi uKhuzani Mpungose odlulisa amazwi enduduzo emndenini, izihlobo, nabangani. IZITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
INKOSI yomaskandi uKhuzani Mpungose usedlulise amazwi enduduzo emndenini ka-Andile Chili obaziwa kakhulu ngoDj Bhoonu. Izindaba zokudlula emhlabeni kwakhe zisabalale izolo ekuseni njengoba kuthiwa ulale wangabe esavuka.
UKhuzani udlulise amazwi enduduzo ekhasini lakhe kuFacebook. “Ngithi dudu emndenini. Silinyalelwe kakhulu emkhakheni womculo ngokudlula kwakho emhlabeni mfowethu. Usizumile kakhulu, kodwa siyabonga ngomsebenzi wakho omuhle nomthelela owushiyile. Lala ngoxolo. Indima yonke yomculo, abangani, izihlobo kanye nomndeni wakho ngithi duduzekani,” kusho umbhalo kaKhuzani.
UDj Bhoonu ubengagcini ngokuba uDj odumile eThekwini, kodwa ubengusomabhizinisi njengoba ebengumnikazi wenkampani eshutha imicimbi, ama-music video iSwidi Films.
Amazwi enduduzo alokhu engene njalo ezinkundleni zokuxhumana.
