Uncategorised

IZOSINGATHWA NGASESE OWE-CHIEFS OGOLOZE UKUPHUMA

UNOZINTI wweKaizer Chiefs onqabe ukuphuna

MABUNHLE MLABA

UMQEQESHI weKaizer Chiefs wesikhashana uCedric Kaze uthi, iqembu lizolukhuluma ngasese udaba lukanozinti uFiacre Ntwari ngemuva kokunqaba ukuphuma enkundleni ngesikhathi behlulwa yiCarling Knockout emzuliswaneni wokuqala ngo 4-5 yiStellenbosch eCape Town Stadium ngeSonto.
IChiefs ibihlela ukufaka uBruce Bvuma ekupheleni kwesikhathi esengeziwe ukuze abhekane namaphenathi, kodwa uNtwari waphika wanqaba ukuphuma enkundleni.
Lo mdlali odabuka eRwanda ubhekane namaphenathi waphinde wavimba elokuqala lika-Andre De Jong nokwenze akhula amathuba okuthi Amakhosi angawunqoba umdlalo. Nokho, uTashreeq Morris noDillan Solomons bawagejile awabo yase iwashiswa kanjalo iChiefs ijezi.
Ngemuva komdlalo uKaze uchazile ukuthi kungani uNtwari enqabile ukushintshwa.
“Ngikholelwa kulesi simo, yinto esizoyisebenza ngaphakathi siyiqembu,” kusho uKaze kwabezindaba ngemuva komdlalo.
“Yena impela uNtwari ubezizwa ekulungele ukuya kuma-penalty ayosiza iqembu.
” Ukuhlulwa kubeke ikusasa likaKaze noKalil Ben Youssef ekungabazeni okukhulu njengoba leli qembu lidonsa kanzima kuBetway Premiership.

Uqhube wathi isikhathi sekhefu bazosibenzisa ukulola kahle abagadli babo. IChiefs yagcina ukushaya amagoli amabili ngo-Agasti 10 ngesikhathi ishaya iStellenbosch ngo 2-0 emdlalweni weBetway Premiership.