Uncategorised

KUVUKE UMUNYU UKHUZANI EDALULA IZINHLELO ZIKA-S’CEBI

UKHUZANI Mpungose oveze izindaba zokuthi uS’cebi bekufanele ayolanda umacekeceke wemoto yakhe izolo. ISITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

BUQALE phansi ubuhlungu kwavuka umunyu kubantu ezinkundleni zokuxhumana, ngesikhathi uKhuzani Mpungose edalula ukuthi iNkosi Yamagcokama (S’cebi Dlamini), ongasekho emhlabeni bekufanele ayolanda imoto yakhe entsha ngoLwesibili, eManlyn ePitoli.

UKhuzani uveze lokhu ekhasini lakhe kuFacebook ebhale kanje: “Namuhla bekuwusuku lapho khona uScebi Dlamini obezobe elande ngalo imoto yakhe entsha eManlyn ePitoli, iGarage belimlinde, kodwa ke impilo yakhe yahlelwa ngenye indlela,” kusho umbhalo kaKhuzani.Inkonzo yokugcina yokuphelezela uS’cebi izoba ngoMgqibelo mhla ziti-15 kuNcwaba, ezinkundleni zemidlalo oFabeni uStadium, eMachunwini eMsinga kusukela ngerora lesi-8:00 ekuseni, ebese ebekwa endlini yakhe yokugcina ekhaya.