Uncategorised

USENGUMDLALI WE-DURBAN CITY NGOKUGCWELE UJURGENS

USEJOYINE ngokusemthethweni kwiDurban City uKyle Jurgens esuka kwiStellenbosch.
ISITHOMBE: Cape Times

MALIBONGWE MAZIBUKO

UKYLE Jurgens usejoyine ngokusemthethweni iDurban City FC, ngemuva kwesizini enhle ayichithe ebolekisiwe esuka kwiStellenbosch FC.
Leli qembu lisebenzise ithuba lokumthenga ngokuphelele, elalifakwe esivumelwaneni sokubolekwa kwakhe ngoNtulikazi 2025. Ngesikhathi amaqembu ebolekana kwavunyelwana ngemibandela yemali.
UJurgens usayine inkontileka yeminyaka emithathu neCity, nakuba eseke wadonsa amehlo eMamelodi Sundowns, kuvela ukuthi ixhumane neStellenbosch ngethuba lokuhlwitha lomdlali ajoyine eChloorkop. Nokho lokho kugcine kungaphumelelanga njengoba uJurgens ekhethe ukuqhubeka nohambo lwakhe neCity, asanda kuwina nayo iNedbank Cup.
Lo mdlali wasesiswini uphuthelwe yimidlalo emithathu kuphela yeligi kuyo yonke isizini. Ubeyibamba esiswini noBrooklyn Poggenpoel kanye noThabo Nodada.
ICity izolibangisa e-Orlando ngoMgqibelo ukuyobhekana ne-Orlando Pirates, e-Orlando Amstel Arena ngo-3 ntambama, emdlalweni owandulela owokugcina weBetway Priemership.