INJABULO KUBUYA IZILOMO EMSAKAZWENI

UMBIKO: MABUNHLE MLABA
IZILOMO zabasakazi ebesezinyamalele isikhathi eside emoyeni sezikhuze ibuya.
Izolo abasakazi abazwakale emoyeni kubalwa u-Unathi Nkayi noDJ Fresh bezwakale okokuqala emsakazweni u-93.8, obuwaziwa ngokuthi i-Mix FM, osakazela endaweni yokudla ka-DJ Oskido eDarumba.
Basakaza ngokuhlanganyela kulolu hlelo lwabo.
U-Unathi wagcina ukusakaza kwiKaya 959 ngo 2021, eyamxosha ngemuva kwengxabano nozakwabo uSizwe Dhlomo. Ngemuva kokuxoshwa kuka-Unathi, wabopha lo msakazo waseGoli efuna uR1,6m ethi imali eyisinxephezelo sokuxoshwa “kungafanele.”
U-DJ Fresh yena wachithwa yiMetro FM ngonyaka wezi-2019 ngemuva kokucetshwa umlaleli ukuthi lo msakazi wasebenzisa ulwimi oluqojeme. Isikhalo safakwa kwaBroadcasting Complaints Commission of SA eyamthola enecala okwenza i-SABC yanqamula inkontileka yakhe. Abaningi bebebheke abuyele kweminye imisakazo engaphansi kwa-SABC kwazise isike yababuyisa abasakazi abanogazi abahamba kungekuhle ngaphambilini. Lapha kungabalwa o-DJ Sbu okuRadio 2000 noPaul Mtirara weMetro FM.

DJ FRESH
