KUXWAYISWA ABAFUNA UMSEBENZI PHESHEYA KWEZILWANDLE

KUXWAYISWA abakuleli abafuna amathuba emisebenzi emazweni aphesheya kwezilwandle, ukuthi baqaphele. ISITHOMBE: DSD
NOMCEBO NGEMA
UMNYANGO wezokuThuthukiswa koMphakathi kuzwelonke, uxwayisa izakhamuzi zakuleli ngamathuba mbumbulu emisebenzi kumazwe aphesheya kwezilwandle. Lo mnyango usho lokhu ngoLwesihlanu ngesikhathi iNingizimu Afrika igubha usuku lomhlaba lokulwa nokushushumbiswa kwabantu oluba minyaka yonke, mhla zingama-30 kuNtulikazi.
Lo Mnyango uthe iqembu lezigilamkhuba zamazwe zenza izithembiso zemisebenzi eholela kahle, amathikithi endiza wamahhala ukuheha izisulu.
“Abantu abaningi bagcina beyiswe kwamanye amazwe lapho bephoqwa khona ukusebenza ezikhungweni zokukhwabanisa nge- internet. Sicela abantu abafuna ukusebenza phesheya ukuthi baqinisekise ubukhona benkampani, ama-agencies ebaqashayo futhi baxoxisane nemindeni yabo ngaphambi kokuhamba,” kusho umnyango. Uqhube wathi uma ithuba libonakala lilihle ngokweqile, kungenzeka kube umkhonyovu. Ube usunxusa noma ubani osola ukushushumbiswa kwabantu ukuthi abikele amaphoyisa noma ashayele iGender-Based Violence Command Centre ku-0800 428 428.
