Uncategorised

UBOPHELE OJOKHI BESIFAZANE UMJAHO WAMAHHASHI ENKANDLA

IHHASHI eladla umhlanganiso ngonyaka odlule, lemukela umklomelo kuNdunankulu uMnuz Thamsanqa Ntuli, uNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula, iMeya yesiFunda iKing Cetshwayo uCllr Sikhumbuzo Dlamini neMeya kaMasipala waseNkandla uCllr Nonhlanhla Nzuza.

IMEYA kaMasipala waseNkandla uCllr Nonhlanhla Nzuza. IZITHOMBE: NKANDLA MUNICIPALITY

NOMCEBO NGEMA

UZA nokuhlukile umjaho wamahhashi oba minyaka yonke, iNkandla May Horse Racing, njengoba kulonyaka ubophele kakhulu ojokhi besifazane okuyinto eyivela kancane.
Lo mjaho uzoba ngoMgqibelo mhla zingama-23 kuNhlaba kulonyaka libumbene ihora lesi-09:00 ekuseni, KwaNontshiza eNkandla.

Lokhu kuvele mhla zingama-26 kuMbasa kulonyaka ngesikhathi zidlana imilala ku-ward 3, eWoza Woza, lapho abanikazi bamahhashi batheleka ngobuningi babo ukuzongenela owokuhlungela iNkandla May Horse Racing. Okwagqama kakhulu kulo mncintiswano yikhono elavezwa ngabantu besifazane, nobekuyivela kancane phambili ukuthi nabo babambe iqhaza kwimijaho yamahhashi.

UNothando Cele nguyena owesifazane owabashaya emakhanda ngesikhathi kuhlungwa eWoza Woza, uthi ukugibela ihhashi wakuqala eneminyaka eyishumi nambili ubudala, okuyilapho ayedlala khona emazingeni aphansi, kanti lokho kuzomnika isipiliyoni lesi esesimfinyelelise koweNkandla May.

“Isifiso sami esikhulu ukuthatha isicoco somjaho omkhulu we-Nkandla May Horse Racing kulonyaka. Siyabonga kuMasipala waseNkandla ngokusinikeza ithuba elifana naleli ngoba liyasikhulisa, futhi lisivulela namanye amathuba okungenela imijaho emikhulu. Iphupho lami ukuzibona ngigijima nehhashi lami kwiDundee July nakweminye imincintiswano yamahhashi emikhulu,” kusho uNothando.
Lo mjaho uzohanjelwa ongoti ababhekelele ezemvelo nezilwane, ukuqinisekisa ukuthi amalungelo amahhashi abhekelelwe kanjalo nendawo azogijima kuyo, odokotela bezilwane abazohlola amahhashi ukuqinisekisa ukuthi wonke amahhashi angenele lo mjaho asesimeni esifanele ngokwempilo, isisindo nokunye okuningi.