UNGCONGO UGQUGQUZELA UKUBAMBISANA EKULWENI NOBUGEBENGU

IMEYA yakuMasipala wase Richmond uCllr Melikhaya Ngcongo.

KUHLOMULISWE abalwa nobugebengu. IZITHOMBE: RICHMOND MUNICIPALITY KZN
AKHONA DLAMINI
IMEYA yakuMasipala waseRichmond uCllr Melikhaya Ngcongo, uthi ubumbano ekulweni nobugebengu, yikona okuzokwenza kungqotshwe ubugebengu. UNgcongo ukusho lokhu ngesikhathi eyingxenye yomcimbi wokwethulwa ngokusemthethweni kohlaka olwethiwe ngokuthi UMgungundlovu Multi-Stakeholder Anti-Crime Council, oluzoqinisa ubudlelwane bokusebenzisana, phakathi komphakathi namaphoyisa ekulwisaneni nobugebengu, ngesikhathi kunomcimbi KwaCaluza Sports Complex eMgungundlovu.
Lo mcimbi ubuhanjelwe iPhini likaNgqongqoshe waseHhovisi likaMengameli uMnuz Kenneth Morolong, uNgqongqoshe woMnyango wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal uMnuz Siboniso Duma, iMeya yesiFunda uMgungundlovu uCllr Mzi Zuma, uSomlomo waseRichmond uKhonziwe Mkhize, ilungu lokuThuthukiswa kweNgqalasizinda uCllr Thabiso Mkhize nabanye abaholi bakahulumeni nomphakathi.
UNgcongo ugcizelele ukuthi ukulwa nobugebengu akuwona umsebenzi wamaphoyisa kuphela, kodwa kuwumsebenzi odinga ukubambisana kwawo wonke umuntu emphakathini. “Akufanele kube umthwalo wamaphoyisa kuphela ukulwisana nobugebengu. Sonke kufanele sibambe iqhaza silwe nobugebengu, kungaba ukwebiwa kwemfuyo, ukugqekeza, ubugebengu obuhleliwe nezinye izinhlobo zobugebengu obuhlukumeza imiphakathi yethu. Lapha kwisiFunda uMgungundlovu, sikhathazekile ngokwanda kobugebengu obuhlobene nokuhlukunyezwa ngokobulili,” kusho uCllr uNgcongo.
Uqhube wathi omasipala abangaphansi kwesiFunda uMgungundlovu bazimisele ukusebenza ngokubambisana, ukuze kuqiniswe ukuphepha kubuyiselwe ukuthula emiphakathini.“Sisondele singomasipala bonke ngaphansi kobuholi beMeya yesiFunda uCllr Mzi Zuma, futhi siyakholelwa ukuthi ngokubambisana sizophumelela. Siwayawubona umsebenzi owenziwa amavolontiya aseMgungundlovu azinikele ekuvikeleni imiphakathi nasekulwiseni ubugebengu,” kuphetha uNgcongo.
