ABAFUNDI BATHOLE IZIYALO BEVAKASHELWE AMAVIYO

US’BONGA Gcwensa ongumholi weqembu lomculo wombholoho Amaviyo, echaza ngohambo lwabo lokuvakashela izikole.

ABAFUNDI baseKhamangwa High School bejabulela umculo nezinkulumo ezakhayo. IZITHOMBE: AYANDA PHOSWA
NOMCEBO NGEMA
BATHOLE iziyalo ezinqala abafundi baseKhamangwa High School, ngesikhathi bevakashelwe iqembu lomculo wombholoho Amaviyo, lizokwethula i-albhamu yalo esihloko sithi ‘Zulu Omnyama’. Lo mcimbi wokuhambela izikole obizwa nge-Amaviyo & Friends Tour, ubusemagcekeni alesi sikole ngoLwesihlanu eMaphephetheni, eNanda.
Umsunguli nomholi waleli qembu, uS’bonga Gcwensa, uthe ubone kukuhle ukuthi aqale lo mcimbi esikoleni afunda kusona.
“Njengoba sivakashela izikole sibone kungcono ukuthi sibaphathele abaculi nabezinkulumo ezakhayo, ukuze bafundise izingane ngokubaluleka kwemfundo, ukuzigcina nokubahlomisa ukuthi uma ukhula yiziphi izinto okufanele uzigade ukuze ukwazi ukukhula ube umuntu kusasa. USimphiwe Shembe simlethele ukuthi aluleke izingane ukuthi njengoba zisesikoleni zikhula kanjani zize zifike esigabeni sokuba mdala, ukuze zikwazi ukufika futhi zifeze lokhu ezisuke zikufisa. UPro Ndlovu uzobafundisa ngobubi nobuhlungu nokuba esejele. Abaqhamuka ezikhungweni zemfundo ephakeme iDurban University Of Technology (DUT), bacobelele abafundi ngamathuba ezemfundo akhona. Izingane azitholi umculo kuphela kodwa zithola nokuvulwa amehlo nengqondo,” kusho uS’bonga.
Uqhube bazohambela nezinye izikole baphushe lo mkhankaso. Ucele noma ngabe ubani obona lento abayenzayo iyinhle ukuthi basondele, abalekelela ukuze ukusebenza kwabo kuzoba lula ukuya phambili. Kulo mcimbi kunandise uGqibu, Slash SA, Khulekani Shongwe, uNgqwele noMshana, Simphiwe Shembe, Pro Ndlovu noMc Nkomose nabanye abaningi.
