Uncategorised

INKINGA ENTSHA IKHALE YEMUKA NO-R80 000 KOWE-NKANDLA MAY HORSE RACING

UNGQONGQOSHE uMnuz Mntomuhle Khawula, iMeya yaseNkandla uCllr Nonhlanhla Nzuza behambisana nezikhulu benika uMuhle umklomelo wakhe.

UMUHLE Hlatshwayo odle umhlanganiso kwiNkandla May Horse Racing izolo. IZITHOMBE: ZETHU PHOSWA

NOMCEBO NGEMA

UKHALE wemuka nomklomelo ka-R80 000 uMuhle Hlatshwayo kumtelebhelo wamahhashi oba minyaka yonke iNkandla May Horse Racing, obuKwaNontshiza eNkandla izolo.

UMuhle uqhamuka kwisiFunda saseMajuba uthi kumthathe iviki elilodwa vo ukuthi azilungiselele lo mjaho nehhashi lakhe Inkinga Entsha.
“Akukhona okokuqala ngidla umhlanganiso njengoba naseMtubatuba ngakhala ngabashaya emakhanda. Ngiyafisa ukukhuthaza abafowethu abafisayo ukudla umhlanganiso ukuthi bangapheli amandla, baqhubeke baziqeqeshe kuyoze kulunge nakubona. Ihhashi liyafana nomuntu liyadinga ukunakekelwa ngokudla, amanzi uphinde ube nesikhathi uxoxe nalo ngokuhle ofisa likwenzele khona lizokuphendula ngokuthi lijabule. Uma selikwenzele lokhu okucelile libonge uphinde ulijabulise, ukuze nangelinye ilanga mowulicela lingeke likuphoxe,” kusho uMuhle.

Uphinde wabonga abalandeli bakhe ngokumeseka njalo. Uveze nokuthi uzobekhona nakwi-Dundee July. “Abalandeli bami ngibathembisa okuhle kodwa futhi kwi-Dundee July, njengoba ngenzile namuhla ngizophinde ngenze kanjena futhi kwi-Dundee July,” kuphetha uMuhle.

Ihhashi elilale isithathu kulomjaho kube u-Alpha And Omega lakhala lemuka no-R30 000, elilale isibili kwaba uMpendulo lakhala lemuka no-R50 000 kwathi elidle umhlanganiso kwaba-Inkinga Entsha omuke no-R80 000.