UHLONISHWE EQENJINI LAKHE LAKUDALA LASE-ENGLAND OWAKULELI

IBlackburn Rovers ihloniphe uBenni McCarthy emcimbini weminyaka engu-150.ISITHOMBE: Diskitimes
MALIBONGWE MAZIBUKO
IQEMBU laseNgilandi, iBlackburn Rovers, lihloniphe ingwazi yebhola laseNingizimu Afrika uBenni McCarthy ngesikhathi sedili likamkhipheni (gala dinner) lokugubha iminyaka engu-150 lasungulwa.Lo mcimbi obalulekile uhlanganise abadlali bakudala, abaphathi beqembu kanye nezivakashi ezihloniphekile.
Kukhunjulwe umlando ocebile waleli qembu, kanti uMcCarthy uthole ukunakwa okukhethekile ngenxa yegalelo lakhe elikhulu ngesikhathi esadlalela iBlackburn.UMcCarthy, ongomunye wabadlali abahlonishwa kakhulu kuleli qembu, wakhathula indima enkulu empumelelweni yalo ngeminyaka yama-2000, lapho esiza iqembu ukuthi liwine i-FA Cup futhi waba ngomunye wabashayi magoli abahamba phambili kuPremier League.
Abaphathi beqembu batuse uMcCarthy ngokusebenza kwakhe okumangalisayo nangokumela iqembu ngendlela ehloniphekile emhlabeni jikelele.uMcCarthy ubonge eqenjini nakubalandeli, ethi isikhathi sakhe eBlackburn sasingesinye sezikhathi ezibaluleke kakhulu empilweni yakhe yebhola, wagcizelela ubudlelwano obuqinile asenabo naleli qembu namanje.
Lo mcimbi uyingxenye yemigubho eqhubekayo yeminyaka engu-150 yeBlackburn Rovers, okuhlonishwa kuyo abantu ababambe iqhaza elikhulu ekwakheni umlando weqembu.
