UMKHWANAZI UTHI AYIMIKHUFAKHUFA AMACALA ANYUSA UBUGEBENGU E-KZN

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
ABATSHALI-ZIMALI nabavakashi bazobalekiswa amacala ayimikhufakhufa, enze kubukeke sensational ubugebengu budla lubi KwaZulu-Natal.
Lokhu kushiwo uKhomisha wamaPhoyisa eKZN uLt General uNhlanhla Mkhwanazi, ngesikhathi kunembizo okuhlelwe ukuphuma namaqhinga okulwa nobugebengu ebiseMaoti eNanda.
“Amacala okubulala ehle 593 ngokwezibalo ezikhishwe uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuZwelonke uMnuz Senzo Mchunu kulo nyaka, uma uqhathanisa nezibalo zangonyaka owedlule. Amacala enze iKZN ipendeke kabi ngobugebengu amacala okulwa uma sekudliwe amanzi amponjwana,” kusho uLt General Mkhwanazi.
Uthi amacala esewonke avuliwe KwaZulu-Natal, kulonyaka ayi-215 911, izibalo zawo ziphezulu uma uqhathanisa nawangonyaka owedlule, njengoba ngonyaka owedlule abayi-213 464.
“Kufanele kuliwe nalento eyenza ukuthi kukhuphuke amacala okulwa. Amaningi amacala okushayana avulwa abantu abasuke bekhothe ezimbizeni zikaFaro. Esikhathini samanje awusekho umgangela abantu baxabana ematshwaleni balwe bagijime bayovula amacala. Into engenza sikwazi ukunciphisa lawa macala ukuthi, izindawo zokucima ukoma zisheshe zivalwe, zilandele imigomo yama layisense,” kusho uMkhwanazi.
Uveze ukuthi ngesikhathi sesifo ukhuvethe ehla kakhulu amacala okulwa ngoba kwakuvaliwe utshwala, noma sekuvuliwe yayigcinwa imiyalelo yokuvala
“Amacala okubulala ehle 593 ngokwezibalo ezikhishwe uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuZwelonke uMnuz Senzo Mchunu kulo nyaka, uma uqhathanisa nezibalo zangonyaka owedlule. Amacala enze iKZN ipendeke kabi ngobugebengu amacala okulwa uma sekudliwe amanzi amponjwana,” kusho uLt General Mkhwanazi.
Uthi amacala esewonke avuliwe KwaZulu-Natal, kulonyaka ayi-215 911, izibalo zawo ziphezulu uma uqhathanisa nawangonyaka owedlule, njengoba ngonyaka owedlule abayi-213 464.
“Kufanele kuliwe nalento eyenza ukuthi kukhuphuke amacala okulwa. Amaningi amacala okushayana avulwa abantu abasuke bekhothe ezimbizeni zikaFaro. Esikhathini samanje awusekho umgangela abantu baxabana ematshwaleni balwe bagijime bayovula amacala. Into engenza sikwazi ukunciphisa lawa macala ukuthi, izindawo zokucima ukoma zisheshe zivalwe, zilandele imigomo yama layisense,” kusho uMkhwanazi.
Uveze ukuthi ngesikhathi sosifo ukhuvethe ehla kakhulu amacala okulwa ngoba kwakuvaliwe utshwala, noma sekuvuliwe yayigcinwa imiyalelo yokuvala
