UKHAWULA UNCOME IQEMBU LE-BASKETBALL LASE-KZN

UMBIKO: AKHONA DLAMINI
UNGQONGQOSHE wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uMnuz Mntomuhle Khawula udlulise ukubonga kwabe-Basketball SA, ngokuletha umqhudelwano kazwelonke KwaZulu-Natal, lokhu okubeke lesi sifundazwe ebalazweni, kwadala amathuba kubadlali abancane.
“Kuyasijabulisa ukubona ukukhula okulethwa yilo mqhudelwano esifundazweni sethu. Ningazithathi kalula lokhu, sebenzisani wonke amathuba okukhula,” kusho uNgqongoshe uKhawula.
Unxuse izinhlangano ze-basketball zesifundazwe ukuthi ziwathokozele amathuba okuthuthuka.
Ube esencoma i-KZN Boys Team ngokuthi, ngokudlala kahle.
Ephetha uthe kuzoqokwa ithimba elizomela iNingizimu Afrika eNamibia, lokhu kuzonikeza ithuba eliyingqayizivele kubadlali abasebancane, emazweni.



IZITHOMBE: SPHA MBHELE
