USOZINYAMA OSAKHULA UTHI AKAZISOLI NGOKUBA USOZINYAMA

UBANELE Nene edlala isithathu kumqhudelwano wosozinyama.

UBULLDOZER The Champion noBanele. ISITHOMBE:PHUMELELE DLAMINI
NOMCEBO NGEMA
UBANELE Nene uthi akazisoli ngokujoyina ezemidlalo zokuba uSozinyama, njengoba kumgcina ematasatasa, angelina uvanzi, engazihlanganisi nezidakamizwa, ubugebengu nezinkamba zikaFaro.
UBanele ukusho lokhu ngesikhathi enengxoxo ekhethekile naleli phephandaba, uthi ukujoyina kwakhe lo mdlalo wosozinyama, kumenze wanomehluko kontanga yakhe, wagqugquzela nokuziphatha ngendlela eqondile enenhlonipho.
Le nsizwa esencane ingeyokuzalwa eBhamshela kodwa ohlala eClermont, iveze ukuthi yaqala ukujima yenza uGrade 7, kodwa wabuye wayeka ngenxa yokuthi kwakufanele agxile esikoleni. “Ngiphinde ngabuyela kwijimu sengise-High School kangangokuthi othisha base bengiqambe ngokuthi nguSkaqakaqa. Ngilandela ikhasi lika-Bulldozer ku-TikTok ngenxa yokuthi ngangithanda indlela abajima ngayo. Sagcina sesixhumanile njengoba manje engiqeqesha kwaze kwafika lapha ngiya khona kumncintiswano i-East Coast Classic, eKloof ngempelasonto. Ngifike ngenza kahle kakhulu kulo mncintiswano njengoba ngalala unombolo 3. Ukhoshi usifundisa kabanzi ngenhlonipho, indlela yokudla nokunye okuningi. Ukujoyina kwami kungisize kakhulu ngoba ngigxile kuzona ezemidlalo okunye nokunye angeke ungifice kukhona,” kusho uBanele.
Uqhube wathi eminyakeni emibili ezayo uzibona ekude kakhulu nalezi zemidlalo, njengoba ezoba ingxenye yemincintiswano eminingi okuyiyona ezomvulela indlela, namathuba okuthi naye aziwe futhi avelele. “Ngiyabonga kakhulu kuBulldozer ngokungithatha, angithembe. Ngiswele amagama okubonga ngoba mhlampe ngabe kuningi okungalungile esengikwenzile ukuba angikho esandleni sakhe, kimina usefana njengobaba. Ngiyabonga kakhulu nakumndeni wami ngokungeseka, ikakhulukazi ugogo uyena ohlale engikhuthaza ukuthi ngizimisele futhi ngihloniphe,” kuphetha uBanele.
