ULUNGI-M UNCOME IMEYA YASE-NKANDLA NGOKUBEKA IMFUNDO PHAMBILI

UMPHOSTOLI Lungi M eshayela ihlombe uMasipala waseNkandla ngokubeka imfundo yezingane zaseNkandla phambili.

ABAFUNDI bezikole ezihlukene eNkandla bebhikla ingoma ngenxa yenjabulo. IZITHOMBE: NKANDLA MUNICIPALITY
NOMCEBO NGEMA
UMPHOSTOLI Lungi M ongumholi we-Kingdom Life Ministries International ophinde abe uProvincial Chaplain ehhovisini likaNdunankulu KwaZulu-Natal, uchome uphaphe lwegwalagwala iMeya yaseNkandla uCllr Nonhlanhla Nzuza, ngokwenza isiqiniseko sokuthi izingane eziphuma kwandlwana, eziphuma emindenini ehlwempu nazo ziyalithola ithuba lokuthi zifunde futhi zizizwe zifana nezinye izingane.
Usho kanje izolo ngesikhathi uMasipala waseNkandla uklomelisa abafundi abaphase ngamalengiso umatikuletsheni, e-Indoor Sports Centre eNkandla.
“Lo nyaka owesi-5 kwasungulwa lo mcimbi, lapho izingane zethu zaseNkandla zinikezwa imiklomelo okuyimifundaze ukuze zikwazi ukuyofunda ezikhungweni zemfundo ephakeme. Namhlanje siyabahalalisela futhi sibonga kulo masipala oholwa uCllr Nzuza ukuzonikeza izingane imifundaze. Lo mama ufaka izingane ezikoleni nasekhungweni zemfundo ephakeme njalo uma kuqala unyaka. Okungijabulisa kakhulu ngeMeya ukuthi le mcimbi akayenzi ngoba nakhu kuza ukhetho kodwa imicimbi eba khona ngisho ukhetho lungekho futhi ningofakazi balokho,” kusho uMphostoli Lungi.
Usho nokuthi amalunga omphakathi angofakazi bokuthi umama uMeya usebenza ngokuzikhandla ukuthuthukisa impilo yabantu abasha, nabadala baseNkandla. Uthi bayambonga uNkulunkulu ngaye ngoba akekho umuntu omusha waseNkandla ongeke afunde, uma enothando lwemfundo. Ube eseyala izingane zamantombazane ngokuqoma abafana bezimoto amaPolo uma sebesemadolobheni amakhulu.
“Abafana bamaPolo bayadlala ngezingane emadolobheni amakhulu ngoba zisuke zingenayo imali, laba abazofunda eThekwini ngizobagada. Siyabonga mama ukuthi izingane ziya ezikoleni ngomfaniswano osuke uxhase ngawo, nalaba abaya ezikhungweni zemfundo ephakeme ukuyothuthukisa izifundo zabo,” kuphetha uMphostoli Lungi.
