IQEMBU LE-ABC LIMEMEZELA UKUVOTA NELINYE IQEMBU KUKHETHO LOHULUMENI BASEKHAYA

UMENGAMELI we-ABC uMnuz Philani Mavundla, umemezele ukuthi iqembu lakhe lizongenela ukhetho ngaphansi kwelinye iqembu. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
UMENGAMELI nomsunguli weqembu lezepolitiki i-Abantu Batho Congress (ABC) uMnuz Philani Mavundla, umemezele ukuthi leli qembu lizongenela ukhetho lohulumeni basekhaya ngaphansi kwelinye iqembu lezepolitiki azolimemezela maduze. Usho lokhu ngesikhathi ekhuluma ngezinhlelo zeqembu zokhetho, wathi isikhathi sesifikile sokuthi amaqembu amancane ahlanganise amandla ukuze abe nomthelela omkhulu kwezepolitiki.
“Ukwehlukana phakathi kwamaqembu okuyiwona abeka izidingo zabantu phambili, sekunciphise amandla awo okuletha ushintsho oludingwa ngabantu. Ukuhlanganisa amandla yikhona okuzokwenza kube lula ukwakha uhulumeni osebenza kahle futhi ophendula izidingo zabantu,” kusho uMnuz uMavundla. Ngesikhathi efaka lesi simemezelo ekhasini lakhe ku-Facebook, abantu abaningi basole ukuthi leli qembu lizovota no-Umkhonto Wesizwe Party (MKP), nokungakazeki ukuthi ngabe iyona ngampela okanye elinye iqembu.
