Uncategorised

INDIDA NGESICHUSE SE-LEMBE OKUBEKWA KUSO IZIDAKAMIZWA

ISICHUSE seLembe okuthiwa sesiphendulwe isifihla izidakamizwa eStanger.

UNKOSIKHONA Ndabandaba odume ngelikaPhakelumthakathi uveze ukuthi isichuse seLembe sesiphendulwe umphanga wezidakamizwa.IZITHOMBE: ILEMBE MUNICIPALITY

ZETHU PHOSWA

KUSHAQISE abaningi ukuvela kodaba lokufuywa kwezidakamizwa kwisichuse seLembe eStanger, okuvezwe uNkosikhona Ndabandaba owaziwa kakhulu ngoPhakelumthakathi, ngesikhathi ebize isithangami sabezindaba izolo eGugu Dlamini Park EThekwini.

UPhak’lumthakathi uthi kuyihlazo nechilo ukuthi isichuse seLembe sesifuyiswa izidakamizwa. “Indawo yaseStanger ingxenye yezindawo ezihamba phambili ekudayisweni wezidakamizwa neTheku. Okubuhlungu ukuthi kukhona asebephendule isichuse seLembe indawo yokugcina izidakamizwa,” kusho uPhakelumthakathi.

Uthi bona njengamadoda aseNingizimu Afrika bazoyisukumela bayilwe eyokudayiswa wezidakamizwa ngokusebenzisana namaphoyisa. ” Amabhilidi ahlala abokufika nasebewadlile okubalwa akwaPublic Works, akaMasipala weTheku nawakwaTransnet, asedliwe abokufika thina sizowabuyisa babuyele kubantu abayizisulu zezikhukhula. Sizolanda umasipala sithi nali ibhilidi eseliphenduke umhume wabaphangi, sihlalise abakuleli, ” kusho uPhak’lumthakathi.

UMajor General Makoba Uthi bebengenalo ulwazi ngalolu daba, lokuthi kunezidakamizwa ezifihlwa ngaphansi kwesichuse seLembe, KwaDukuza okuwudaba oluvezwe uPhakel’mthakathi kwisithangami sabezindaba. “Sizolulandelela lolu daba ngoba besingalwazi, uma sizithola izidakamizwa sizokwenza okufanele sikwenze njengamaphoyisa,” esho.