Uncategorised

SEBEPHENDUKE INKUKHU NEMPAKA UMDLALI NO-MQEQESHI

UKUKWEBHANA phakathi kukaVinicius Junior (osesithombeni) noXabi Alonso sekuthathe elinye igxathu. ISITHOMBE: BBC

MALIBONGWE MAZIBUKO

INGXABANO phakathi komdlalo weReal Madrid uVinicius Junior, nomqeqeshi uXabi Alonso, sekuholele ekutheni lomdlali atshele iqembu ukuthi ngeke esayivuselela inkontileka yakhe.
Kuthiwa selokhu afika kulesizini, bayinkukhu nempaka nomqeqeshi, futhi kunokuthi kulunge isimo kodwa kuyaqonga ukungezwani.
Inkontileka kaVinicius Junior izophela ngonyaka ka-2027, kanti nezingxoxo zokuyivuselela kazihambi kahle njengoba lomdlali ethi akafuni uyivuselela.
Kubikwa ukuthi lo mdlali , uthathe udaba walitshela uMengameli weqembu uFlorentino Perez ngasese ngenyanga edlule, kanti uke wabonakala echiliza isandla kumqeqeshi emidlalweni edlule ye-El Classico ngenkathi umqeqeshi emshintsha enkudleni