Uncategorised

KUKHUNJULWE INGONYAMA USOLOMON KADINUZULU

AMABUTHO eviliyela kulo mcimbi. IZITHOMBE:ZIYANDA MASINGA

ZIYANDA MASINGA

ISIGCINAMAGUGU iKwaZulu-Natal Museum, sisingathe inkulumo yesikhumbuzo seNgonyama uSolomon kaDinuzulu eMgungundlovu, izolo.
Lolu suku bekugujwa amagalelo eNgonyama uSolomon kaDinuzulu, ikakhulukazi imizamo yakhe yokuhlanganisa isizwe sakwaZulu, neqhaza elikhulu alibambile esesihlalweni sobukhosi.
UDkt Mxolisi Dlamuka obeyisikhulumi sosuku, onguchwepheshe wefa lemvelo nomlando ophinde abe inhloko ye-Amafa Research & Heritage Institute, uthi inkulumo indima eyaklaywa uSolomon kaDinuzulu ukubumba isizwe sakaZulu nokwenza umlando.
“Ingonyama uSolomon kaDinuzulu ingenye yezingonyama ezahlala esihlalweni ngezikhathi ezinzima. Ube yiSilo sokuqala ukuthi sifunde isikole, iphinde inikezwe igama ekungelona elesiZulu. Ngonyaka ka-1884 umhlaba wase makhosini wabe usuba umhlaba kamazitapele, lapho khona amaBhunu awuhlukanisa awuklama ukuthi ube amapulazi awo,” kuchaza Dkt Dlamuka.
UDkt Dlamuka uphonsele indlu emnyama inselelo, yokuthi isukume izithathe ikhuthalele ukuzibhalela umlando ukuze kungasabalali izimfundiso-ze.
Lo mcimbu bekungunyaka wesithathu kwenzeka kanti ubuhanjelwe abantwana basendlunkulu.