SEKUBHEDUKE ISIFO EZIKOLENI ZAMABANGA APHANSI

UMBIKO: BUSISIWE ZONDI

SEKUBHEDUKE isifo esihlasela izingane esikoleni samabanga.
Lesi sifo okuthiwa sibizwaZandla, Izinyawo noMlomo.
Lesi sifo sidlange kakhulu ezikoleni zamabanga aphansi nasezinkulisa.
Kuthiwa izimpawu zalesi sifo kuqala kube engathi umkhuhlane, kube nezilonda emlonyeni, amapanyaza ezandleni nangaphansi kwezinyayo.
Kuvele ukuthi sithelelana ngokushesha, yingakho iningi loThishanhloko linxuse ukuthi uma ekhaya kubonakala ukuthi umntwana uqalwa yiso, ahlale ekhaya izinsuku eziyisikhombisa.
Sekuvele ukuthi kukhona izikole ezivaliwe ngenxa yalolu bhedukane.
Kuthiwa singathatha amasonto amabili ukuthi siphele.
UMnuz Ntokozo Maphisa okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, unxusa abazali ukuthi bangashaywa uvalo kakhulu ngoba lokhu kuyigciwane elifikile, ekunethemba ukuthi lizodlula maduze.
Uthi lesi sifo sivame ukuba ngazo lezinkathi kodwa siyedlula, futhi siyelapheka ngamakhambi enziwa ekhaya.
” SiwuMnyango wezeMpilo sikhuthaza ukuthi abantwana bafundiswe ukuhlala begeza izandla, bangasebenzisi ndawonye izixubho, izipuni, okanye badle uswidi owodwa bemuncisana. Lesi sifo sidlange ezinkulisa nasezikoleni ezinamabanga aphansi. Abazali nabasiza abantwana, yibo ekumele baqikelele inhlanzeko, ” esho.
Uveze ukuthi izibalo ezisaqinisekisiwe bayi-168 okwamanje asebenalesifo.

Kuthiwa kuMkhamdlu waseThekwini bayi-120, uMasipala iKing Cetshwayo inabayi-25 , uGu luna-20, uMkhanyakude wona una-03.