Uncategorised

UNDUNANKULU WESEKA UMKHWANAZI KWIHLANDLA LESIBILI

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnu Thami Ntuli uthi akabungabazi ubuholi bukaGeneral Nhlanhla Mkhwanazi. ISITHOMBE: UMUSA NEWS

NOMCEBO NGEMA


UPHUMELE obala uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnu Thamsanqa Ntuli ngokuthi umeseka ngokuphelele uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLt Gen Nhlanhla Mkhwanazi, ekutheni athathe ihlandla lesibili lokuba uKhomishana wamaphoyisa.
UNtuli ukusho lokhu ngesikhathi amaphoyisa ekumkhankaso wokubheka abokufika abakuleli ngokungekho emthethweni ngaphansi kwesiqubulo esithi “Engangeni Ngesango Iyafohla,” eThekwini nalapho kushaqwe abokufika abangama-21, abangenazo izincwadi ezibagunyaza ukuba kuleli.
“Sengikusho lokhu izikhawu eziningi ukuthi uGeneral Nhlanhla uyiphoyisa elithandekayo njengamanye amaphoyisa esifundazweni. Angicabangi ukuthi kukhona umuntu ongeke akuthande ukubona uGeneral Nhlanhla ebuya emva komsebenzi omuhle kangaka awenzile wokulwa nobugebengu kanye nobuholi bakhe obuhle. Mningi kakhulu imisebenzi emihle ayenzile futhi siyameseka kakhulu njengohulumeni wesifundazwe,” Kusho uNdunankulu.

Kuzokhumbuleka ukuthi njengoba kuqhubeka i-Ad Hoc Committee ngoLwesithathu kubuzwe uMphathiswa waMaphoyisa osamisiwe uMnu Senzo Mchunu ukuthi angakuphasisa yini ukuqokwa kuka-General Nhlanhla Mkhwanazi ihlandla lesibili. Impendulo kaMnu Mchunu yathi, “akulele kimina ukuthi uGeneral Mkhwanazi uyabuya yini noma cha, kodwa leso sinqumo kufanele sithathwe uMkhuzi waMaphoyisa kuzwelonke emva kokuxhumana noNdunankulu,” kusho uMnu Mchunu.