UMENGAMELI UNCOME I-NBI NGEMINYAKA ENGAMA-30 ISHINTSHA IZWE

UMENGAMELI ethula inkulumo emcimbini wokubungaza iminyaka engamashumi amathathu i-NBI yasungulwa ISTHOMBE: GOOGLE
PHUMELELE DLAMINI
UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uncome inhlangano i-National Business Initiative (NBI), ngendima eyidlale ezimpilweni zabantu zase-Ningizimu Afrika kusukela ngonyaka-1995, eminyakeni engamashumi amathathu yasungulwa. Ngesikhathi ethula inkulumo yakhe ngoLwesithathu, eSandton, uMengameli ubalule ukuthi i-NBI isize kakhulu ekuhlanganiseni uhulumeni, amabhizinisi azimele kanye nezinhlangano zomphakathi ukuze kuthuthukiswe umnotho wezwe.
UMengameli ukhumbuze izihambeli zalomcimbi ukuthi le nhlangano yasungulwa ngonyaka ka-1995, futhi ibe seqhulwini ekusunguleni izinhlelo ezifana ne-Business Against Crime, i-Youth Employment Services kanye nezinye izinhlelo eziningi.“Ukwakhiwa kweNBI kwaba uphawu lokuthi amabhizinisi aseNingizimu Afrika ayesekulungele ukuthi abalingane abakhuthele ekukhuliseni isizwe,” kusho uMengameli.
Uphinde wakhombisa intokozo ngokuthuthuka komnotho wezwe yize libhekene nezinselelo ezifana nenkohlakalo nenkinga kagesi. UMengameli unxuse i-NBI ukuthi iqhubeke njalo nomsebenzi omuhle wokuthuthukisa i-Ningizimu Afrika.
