Uncategorised

INDODA ENEGCIWANE LE-HIV IGIJIMA UKUGQAMISA IMPILO YAMADODA

UZWELIBANZI Nyawo ugijimela ukuqwashisa nokukhuthaza abesilisa ukuthi banakekele impilo yabo. ISITHOMBE: FACEBOOK

LUYANDA MLABA

IMEYA yoMkhandlu wesiFunda uMkhanyakude uCllr Siphile Mdaka, income uZwelibanzi Nyawo waseNgwavuma osephile negciwane lengculazi (i-HIV) iminyaka eyi-12, ngokuphuma umkhankaso wokugijima amabanga amade ukukhuthaza, nokuqwashisa ngempilo yamadoda nokuzivikela ekuthelelekeni nokubhebhethekisa igciwane le-HIV.

UMnuz Nyawo uqale uhambo lwakhe lokugijima ngoLwesithathu mhla zingama-29 kuJulayi 2026, esuka eNgwavuma ebheke eThekwini.Uthe inhloso yalo mkhankaso ukukhuthaza amadoda ukuthi azibophezele ekunakekeleni impilo yawo, ahlolele i-HIV, athathe kahle imishanguzo yokudambisa igciwane (ARV), futhi akhulume ngokukhululeka ngezinkinga zempilo yengqondo nezingqinamba zomshado ezivame ukufihlwa.

“Amadoda amaningi ahlupheka buthule. Awakhulumi ngezinkinga zempilo, okugcina kuholele ekutheni enze izinqumo eziguqula impilo yawo. Njengoba ngigijima ngifuna ngifuna ukumtshela amadoda ukuthi kulungile ukuhlolelwa i-HIV, kulungile ukuphuza imishanguzo, futhi kulungile ukufuna usizo,” kusho uMnuz Nyawo. Uphinde wanxusa bonke abantu abasebenzisa imishanguzo yokwelapha i-HIV, ukuthi baqhubeke nokuyolanda amaphilisi abo emitholampilo nasezibhedlela. IMeya uCllr uMdaka ithe bayaweseka ngokugcwele lo mkhankaso omuhle.

“Siweseka ngokugcwele lo mkhankaso kaMnuz Nyawo, ikakhulukazi umlayezo awudlulisayo. Isifunda sethu sisabhekene nezinga eliphezulu lokutheleleka lwabantu nge-HIV nokukhulelwa kwabantu abasha. Imikhankaso efana nalo ibalulekile ekukhuthazeni ukuhlolela iHIV, ukunamathela ekwelashweni, nokuphila ngendlela enesibopho emphakathini,” kusho iMeya uCllr uMdaka.