Uncategorised

ISASASA KUPHOTHULWA IBHULOHO ELAFA NGEZIKHUKHULA

ANELE ZUMA

ISASASA kuvulwa ibhuloho iCoedmore, elacekeleka phansi ngezikhukhula zonyaka we-2022.
Leli bhuloho livulwe ngokusemthethweni iMeya Cyril Xaba, lidle isamba sikaR47 millions, kabti bese lidonse iminyaka emithathu, lakhiwa kabusha, ngoLwesithathu.
“Lesi sakhiwo esisha sakhiwe ngendlela yokuthi sikwazi ukumelana nezikhukhula noma izimvula ezinkulu. Lo msebenzi uhlanganisa nokwakhiwa komgwaqo obude bawo ngu-150 metres, ukufakwa kwezinyathelo zokwehlisa ijubane lezimoto, nokuthuthukiswa kwezinhlelo zokukhipha amanzi emvula,” esho.
Uthe leli bhuloho liyingxenye yezakhiwo ezathinteka kakhulu ngesikhathi izikhukhula, ebeliwuphazamisa umphakathi ukulimala kwalo.
“Lesi akusona nje isakhiwo sokuwela, kodwa yibhuloho elixhumanisa imiphakathi futhi uphawu lokuzibophezela kwethu ekwakheni izakhiwo eziqinile ezizomelana nezinkinga zesikhathi esizayo,” kuphawula uMeya Xaba.