Uncategorised

BAYI-70% ABASHONE BESOKA KULELI

ABAFANA abancane abasoka njalo ngalesikhathi sonyaka sasebusika.

IPHINI likaNgqongqoshe uMnuz Zolile Burns-Ncamashe, ozwakalise ukukhathazeka kwakhe ngesibalo esiphezulu sabafana abashonayo uma besoka. IZITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

SIPHEZULI isibalo abafana abashone beyosokwa, njengobabengama-48 abashonile eNingizimu Afrika, kuqhubeka isiko lokusoka. UNgqongqoshe woMnyango weZokubusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kuzwelonke, uMnuz Zolile Burns-Ncamashe, uthe kuyabakhathaza kakhulu ukushona kwabafana, Kwenziwa leli siko. Uthe izifundazwe ezihamba phambili ngokushona kwabantu iMpumalanga, ne-Eastern Cape.

“Isifundazwe saseMpumalanga sibe nabantu abayi-18, kwathi i-Eastern Cape yaba nabayi-14. Lezi zifundazwe ezimbili zihlanganisa isibalo sika-70% wabantu abashonile. Lezi zibalo zingenza ngikhathazeke,” kusho uMnuz Burns-Ncamashe.Uqhube wathi iziphathimandla ziphenya nangemibiko yokuthunjwa kwabanye uma beyosoka eGoli. Uphinde wazwakalisa ukukhathazeka kwakhe ngezikole zokusoka ezingekho emthethweni eFree State.