Uncategorised

UGCWELE AMATHAFA UMSHAYELI WELOLI ELIBHUBHISE ABANTU

UKUNYAMALALA komshayeli weloli ngemuva kwesibhicongo sengozi lishayisana netekisi, kushiye njengoba namanje egcwele amathafa.
Kwenziwe uphenyo lwale nhlekelele yengozi ebiku N3, oseluveze ukuthi umshayeli weloli akusiye owaseMzansi

UMnyango wezokuThutha oholwa uMnu Sboniso Duma, nezinhlaka ezahlukene okubalwa kuzo amaphoyisa, zihlangane nethimba elizocwaninga ngembangela yale ngozi ebiphakathi kwaleli loli netekisi. Uphenyo luveze ukuthi itekisi ebisuka eQumbu iya eGoli ilayishe abagibeli abayi 18 kubalwa nomshayeli, kusinde ingane kuphela nayo okuthiwa iyalulama esibhedlela. Abashonile sebehlonziwe yimindeni yabo ngokusizwa uSoseshini uNcedo okuyiwo okhiphe imoto ukuya eMnambithi endaweni yesigameko.

Uphenyo luphinde lwaveza ukuthi umshayeli weloli ungowaseZimbabwe, igama uN Mbedezi (37). Inkampani yeloli yiPangolin Logistics, yona ebisuka eGoli ibheke eThekwini. Osekukhathaza kakhulu ukunyamalala kwalomlisa emuva kokushayela ubasi wakhe ucingo khona ebusuku.

UDuma ubonge kakhulu uMkhuzi wamaphoyisa uJenene Mkhwanazi ngokuzinikela kwakhe noMnyango wakhe kulomsebenzi.

Khona manjalo imoto encane yohlobo lwe Renault Clio, igibele phezu kwemizimba ebithe chithi saka kuwo lomgwaqo emuva kokulahlwa itekisi ebelishayisene neloli. Ngenhlanhla laba bemoto encane kabalimalanga