USEMISWE NGOKUSHESHA UMQEQESHI WE-GALLANTS

ALEXANDER Lafitte usamisiwe kweyokuqeqesha iMarumo Gallants ngokuphikwa impumela.
ISITHOMBE : Marumo Gallants
MALIBONGWE MAZIBUKO
IQEMBU iMarumo Gallants selimemezele ngokusemthethweni ukumiswa ngokushesha komqeqeshi walo u-Alexandre Lafitte, kulandela ukwehlulwa emidlalweni eyisikhombisa kulandelana kuyo yonke imiqhudelwano.
ULafitte, oneminyaka engu-28 ubudala, waqokwa ekuqaleni kwesizini ethatha indawo ka-Abdeslam Ouaddou, owayojoyina i-Orlando Pirates. Lo mqeqeshi waseFrance wafika kwiGallants ethwelwe ngeqoma, esanda kunqoba iLigue 1 yase-Ivory Coast neqembu iStade Abidjan, walibuyisela nasemncintiswaneni weCAF Champions League.
Ngaphansi kobuholi bakhe, iGallants iqale kahle isizini futhi yafinyelela kowamanqamu eCarling Knockout Cup, lapho yehlulwe khona yiPirates. Nokho, ifomu yeqembu yehle kakhulu selokhu kubuywe ekhefini le-Africa Cup of Nations maphakathi nesizini. Lokhu kuholele ekutheni iqembu lehle ohlwini lwamaqembu asembangweni weTop 8, langena empini yokugwema izembe, futhi laphuma emqhudelwaneni iNedbank Cup.
Esitatimendeni esikhishwe ngoMsombuluko ekuseni, iqembu lithe ukumiswa kuka Lafitte kulandela izinkinga ezihlobene nokwehluleka ukuhambisana nemisebenzi ebekiwe enkontilekeni, kanye nokungafinyeleli ezingeni elilindelekile lokudlala emidlalweni yakamuva.
IGallants kulindeleke ukuba limemezele umqeqeshi ozoba yibamba okwesikhashana kusalindwe ukuphuma kwesinqumo esingujuqu ngekusasa likaLafitte.
