Uncategorised

USINDE KUKUBI UMFANA KUSHA UMJONDOLO ELELE

USALE unjena umjondolo obekulele kuwona umfana eMaoti. ISITHOMBE: RUSA

NOMCEBO NGEMA

USHE kanzima umfana oneminyaka eyi-19 eMaoti, ngesikhathi kusha umjondolo ebelele kuwona izolo ekuseni. Inkampani yonogada i-Reaction Unit South Africa (RUSA), ithole ucingo olucela usizo ngezithuba zehora lesithathu entathakusa. Ngesikhathi ifika endaweni yesigameko, ifice amalungu omphakathi asewucimile umlilo futhi asemsizile umfana obelimele.

Ngokusho komndeni, lo mfana ubelele emjondolo ngesikhathi evuswa umlilo, wamemeza ecela usizo. Amalungu omndeni nomphakathi baphuthume endaweni yesigameko bamkhipha ngaphambi kokuthi umlilo ubhebhetheke. “Umfana ushe entanyeni, ezingalweni, emhlane nasemlenzeni. Imbangela yomlilo ayikaziwa okwamanje. Umjondolo nempahla ebingaphakathi kuwo, okubalwa ifenisha, izingubo zokugqoka nombhede, kushile,”kusho umndeni.Amaphoyisa neziphathimandla seziluqalile uphenye ukuthola imbangela yalomlilo.