Izindaba

KUZOTHUTHUKISWA EZOKUVAKASHA KWAXOLO

UMFUNDISI Musa Zondi ozovula ngokusemthethweni iphrojekthi KwaXolo Caves.

IZINDAWO zaKwaXolo Caves Adventure Centre. IZITHOMBE:SCTIE

AKHONA DLAMINI

KUZOTHUTHUKISWA ezokuvakasha KwaXolo Caves Adventure Centre, eduze kwaseMargate, ngoLwesibili mhla zingama-20 kuMfumfu 2026.

IKwaXolo Caves idume ngemidwebo yasendulo eyenziwa amaSan emadwaleni, kanye nobuhle bendawo yemvelo eheha izivakashi ezithanda umlando. Le phrojekthi ebize cishe izigidi ezingu-R6.15m ihlose ukufukula umkhakha wezokuvakasha oluseningizimu yesifundazwe, iphinde ivule namathuba okuthuthukiswa komnotho emiphakathini yasemakhaya.

Le ntuthuko ihlanganisa isakhiwo esinemisebenzi, abahlukahlukene, okuhlanganisa indawo yokudlela, isitolo sekhofi, izinsiza zezivakashi kanye nekhishi elikhulu elenzelwe ukuhlinzeka ngezidingo zokudla.

Ngesikhathi kwakhiwa lezi zakhiwo, kwaqashwa izisebenzi zasendaweni eziyi-16, kwaphinde kwavela namathuba omsebenzi wesikhashana kosonkontileka abancane.Kusazobhekwa ukuthi le ngqalasizinda izosetshenziswa kanjani ukuheha izivakashi eziningi, ukweseka amabhizinisi endawo nokudala amathuba emisebenzi.

Lo mcimbi waleprojekthi uzovulwa uNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natal, uMfu uMusa Zondi, ngenhloso yokuthuthukisa ezokuvakasha, kule ndawo yaKwaXolo.