Uncategorised

UNTULI UTHI EZEMIDLALO ZINENDIMA EBALULEKILE EMPHAKATHINI

UNDUNANKULU UMnuz Thamsanqa Ntuli wethule ngokusemthethweni i-2025 KZN Premier’s Cup. ISTHOMBE: LINDELWA MAGWAZA

LINDELWA MAGWAZA

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, uthi umqhudelwano webhola lalonyaka iKZN Premier’s Cup izoba mhla zingama-25 kuya zingama-26 kuNtulikazi, eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, kuthi owamanqamu ube sePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

UNdunankulu usho lokhu namuhla ngesikhathi ethula i-Budget Vote-1 yeHhovisi likaNdunankulu eSishayamthetho saKwaZulu-Natal. Uthi lo mqhudelwano usukhule waba ngomunye wemicimbi emikhulu yezemidlalo esifundazweni, njengoba unika amaqembu ebhola aKwaZulu-Natal ithuba lokulungiselela isizini entsha yebhola. “ Lo mqhudelwano awugcini ngokuthuthukisa ibhola kuphela kodwa ukhuthaza nezokuvakasha, usekele amabhizinisi endawo futhi udale amathuba emisebenzi emiphakathini ezosingatha le midlalo. Uhulumeni uzimisele ukusebenzisa ezemidlalo njengethuluzi lokukhulisa umnotho nokuthuthukisa imiphakathi.

Amaqembu ebhola amahlanu aKwaZulu-Natal adlala kwi-Betway Premiership, okunga-AmaZulu FC, Lamontville Golden Arrows, Richards Bay FC, Durban City FC neMilford FC. La maqembu azojoyinwa iMidrand United edlala kwiMotsepe Foundation Championship, okuzokwenza lo mqhudelwano ube nokuncintisana okukhulu,”kusho uNdunankulu uNtuli.Uphinde wagcizelela ukuthi uhulumeni wesifundazwe uzoqhubeka nokutshala imali kwezemidlalo, ngoba ziklama indima ebalulekile ekuhlanganiseni imiphakathi, ekukhuthazeni intsha, ekudaleni amathuba emisebenzi nasekukhuliseni umnotho waKwaZulu-Natal.

Uthi iKZN Premier’s Cup isiphenduke inkundla ebalulekile yokukhombisa ikhono lesifundazwe lokusingatha imicimbi emikhulu yezemidlalo nokuletha inzuzo kubantu nakumabhizinisi endawo.