Uncategorised

I-DA IFUNA UKUPHATHA ITHEKU

OGAQELE isikhundla sobuMeya eThekwini uHaniff Hoosen ekhuluma namalunga omphakathi. ISITHOMBE: FACEBOOK

LINDELWA MAGWAZA

I-DEMOCRATIC Alliance (DA), ifuna ukuphatha uMasipala weTheku, ithembisa ukubeka phambili ukulethwa kwezidingo, ukuphathwa kahle kwezimali nokulungiswa kwengqalasizinda.

Lokhu kushiwo ogaqele isikhundla sobuMeya kuMasipala weTheku, uHaniff UHoosen, ngesikhathi evakashele izakhamuzi zaseNew Germany, nasePinetown.UHoosen uthe uMasipala weTheku uphethe isabelomali esilinganiselwa ku-R72 billion, ngakho le mali kufanele isetshenziswe ngendlela efanele ezidingweni ezifana namanzi, ugesi, imigwaqo, ukuqoqwa kukadoti kanye nengqalasizinda.

“Izakhamuzi zifuna uhulumeni onozinzo, onekhono nokwazi ukuletha izinsiza ngendlela ethembekile. Zifuna umasipala ophatha imali yomphakathi ngendlela efanele noqinisekisa ukuthi izidingo eziyisisekelo ziyahlinzekwa,” kusho uHoosen.Uthe i-DA izogxila ekuphathweni kahle kwezimali, ekulungiseni ingqalasizinda nasekuziphenduleleni kweminyango kamasipala.

UHoosen uqhube wathi ukukhula komnotho kudinga ingqalasizinda ethembekile, njengoba amabhizinisi engeke atshale imali lapho imigwaqo yonakele khona, ugesi ongathembekile nezinhlelo zamanzi ezinezinkinga.

“Asikwazi ukugembula ngomasipala onebhajethi engu-R72 billion. Le mali kufanele isetshenziswe ezintweni ezidingwa izakhamuzi,” kusho uHoosen.Uthe i-DA iyaqhubeka nokuxhumana nemiphakathi yaseThekwini ngaphambi kokhetho, ngenhloso yokuchaza izinhlelo zayo zokuthuthukisa ukusebenza kukamasipala.