Uncategorised

ITHUBA ELIYINGQAYIZIVELE KUBAFUNDI BAKAMATIKULETSHENI EVRYHEID

IMEYA uCllr Sifiso Mkhwanazi ekhuluma nabafundi bakamatikuletsheni.

ABAFUNDI bakamatikuletsheni bezikole ezihlukahlukene eVryheid, becijwa ngemikhakha ehlukene etholakala kwizikhungo zemfundo ephakeme. IZITHOMBE: ABAQULUSI MUNICIPALITY

NOMCEBO NGEMA

BATHOLE ithuba eliyingqayizivele abafundi bakamatikuletsheni bezikole ezingaphansi kukaMasipala waBaQulusi, ngesikhathi kunesigcawu sokubacobelela ngolwazi ngemikhakha abangayithatha emanyuvesi, ebesihlelwe uMnyango wezeMfundo kuMkhandlu waseZululand ngokubambisana noMasipala waBaQulusi. Lo mcimbi oyizinsuku ezimbili, uqale izolo ehholo eCecil Emmett, edolobheni eVryheid.
IMeya kaMasipala waBaQulusi uCllr Sifiso Mkhwanazi ukhuthaze abafundi ngokubaluleka kwemfundo.
“Zingane zami imfundo ibalulekile kakhulu futhi ungaba yinoma yini ofisa ukuba yiyona ngayo. Imfundo iyithuluzi nefa lakho ongeke waliphucwa muntu kodwa oyolokhu ungqongqoza ngalo ezindaweni eziningi. Njengoba sinenzele lo mcimbi sifuna nihluzeke, niqonde ukuthi yimuphi umkhakha umuntu awuthandayo nawuqonda kangcono ukuze aqhubeke nawo kwimfundo ephakeme,” kusho iMeya uMkhwanazi.

Uphinde wakhuthaza abafundi ngokubaluleka kwenhlonipho kanye nokuzithoba esikoleni, isekhaya nasemphakathini.

Lo mcimbi ubuhanjelwe izikhungo zemfundo ephakeme okungamanyuvesi kanye namakolishi bechazela abafundi ngemikhakha abanayo, indlela yokufaka izicelo kanye namaphoyinti adingeka ukuthi umfundi aphase ngawo, ukuze akwazi ukungena kulowo mkhakha.