Izindaba

KUNCONYWE ISENZO SIKANDLUNKULU UKAMYENI

IBANDLA lama-Apostoli ngesikhathi kuqhubeka inkonzo eManguzi.
IZITHOMBE: NQUBEKO NDLELA

ZETHU PHOSWA

UGQAME ngezenzo ezinhle uNdlunkulu weSilo uNomzamo uKaMyeni, ngesikhathi ehambele inkonzo enkulu yama-Apostoli yokuvala unyaka eManguzi ngeSonto mhla zingama-27 kuMandulo.

Abantu bathe bayakujabulela ukubona umama wesizwe ehlanganyela enkonzweni enkulu kangaka.
Abanye bathe uNdlunkulu uMdolomba ukhombisa ukuba inkosikazi efukamela umuzi wayo, ilwe izimpi ngomkhuleko.

UNdlunkulu uKaMyeni uthe umkhuleko unamandla futhi akukho okungeke kwanqotshwa ngomkhuleko.
“Uma isizwe sihlangene sikhuleka ndawonye omubi uyakunqotshwa, amacebo kaSathane ayobhidlika,” kusho uMaMyeni.

Lo mkhuleko ubuhanjelwe uNkk Thembeni kaMadlopha Mthethwa, INkosi uMzamo Buthelezi kanye neNkosi yakwaTembe.

UMdolomba ubelokhu egqame njalo ngezenzo ezinhle kule nyanga yamagugu. Kuzokhumbuleka ukuthi uke wavakashela izingane ezinabazali abahlala emgwaqeni kwaMakhutha ngawo uMandulo, ngenhloso yokubungaza usuku lokuzalwa kweSilo uMisuzulu kaZwelithini ngokupha abeswele.