
URAMAPHOSA UNCOME ITHEKU NGOKUSINGATHA ISADC
UMENGAMELI wezwe uMnu Cyril Ramaphosa ngesikhathi ekhuluma kowe-SADC.

BEBEHLANGENE bonke omengameli bamazwe. ISITHOMBE: ETHEKWINI MUNICIPALITY
AKHONA DLAMINI
UMENGAMELI wakuleli, uMnu uCyril Ramaphosa, uchome uphaphe legwalagwala uMasipala weTheku ngokusingatha ngempumelelo iSADC Summit yama-46, wathi lokhu kukhombisa ukuthi leli dolobha liyindawo esezingeni eliphezulu yokusingatha imicimbi yamazwe ngamazwe.
Le ngqungquthela ibibanjelwe e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC) kusukela mhla zi-3 kuya ku-17 Agasti 2026. Bekubuthene izinhloko zakwamanye amazwe, ongqongqoshe nezithunywa .URamaphosa uthe iTheku linendawo ekhethekile emlandweni waseNingizimu Afrika ngenxa yokuthi i-African Union yasungulwa ngokusemthethweni kulona leli dolobha eminyakeni engama-24 edlule.
“Eminyakeni engama-24 edlule, i-African Union yasungulwa lapha kuleli dolobha ngokusemthethweni. Akungimangazi ke ukubona leli dolobha lisimama ekusingatheni izingqungquthela ezinjengalezi” kusho uRamaphosa.
IMeya yeTheku, uCyril Xaba, ithe ukusingatha le ngqungquthela kukhombisa ukuzethemba kwaleli dolobha,njengoba liyindawo yezokuvakasha, ezohwebo kanye nokutshalwa kwezimali.“Ukusingatha iSADC kwenze umehluko omkhulu kuleli dolobha. Kukhulise ezomnotho endaweni, kwaqinisa ubudlelwano besifunda futhi kwaphakamisa ifulegi kanye nesithunzi seTheku,” kusho uXaba.
