Izindaba

ISEQHULWINI EYOKUTHUTHUKISWA KWEMIGWAQO E-VRYHEID

IMEYA uSifiso Mkhwanazi ngesikhathi yethula usonkontileka kuWadi 14 eZibomvu.

IMEYA uSifiso Mkhwanazi ngesikhathi yethula usonkontileka kuWadi 21 e-St Jutes. IZITHOMBE: ABAQULUSI MUNICIPALITY

OWAMI THABETHE

UMASIPALA waBaQulusi uyaqhubeka nokubheka eqhulwini ukuthuthukisa izingqalasizinda endaweni yasemakhaya.

IMeya kaMasipala waBaQulusi uCllr Sifiso Mkhwanazi, yethule ngokusemthethweni osonkontileka abathathu, ngosuku olulodwa abazokwakha imigwaqo ewubhuqu ezigcemeni ezahlukene ngoLwesithathu, mhlaka 26 kuNcwaba 2026.

Lesi sinyathelo sithathwe siyinkomba yokuthi uMasipala ubeka izidingo zabantu phambili, nokuzibophezela ekuthuthukiseni izingqalasizinda nemigwaqo emibi emiphakathini yasemakhaya, ekhala ngayo ikakhulukazi uma izulu lina.

IMeya uMkhwanazi igcizelele ukuthi lena yinqubekela phambili yangempela, hhayi isethembiso nje.

“Asifuni imiphakathi yethu isale ngemuva ngoba inhloso ukuthuthukisa nokuphucula inhlalo yezakhamizi. Umgwaqo omuhle usho ukuthi i-ambulensi ifika ngokushesha, ingane iyafika esikoleni nomnotho uyakhula. Sizosebenza kuze kube wonke amaWadi ethu ayathuthuka,” kusho uMkhwanazi.

Uhambo likaMeya luqale eZibomvu kuWadi 14, lapho ethule khona usonkontileka uMalusi Shepherd ozokwakha umgwaqo we-gravel. Okujabulise kakhulu umphakathi ukuthi kulo msebenzi sekuqashwe amalunga amathathu, unogada oyedwa nabasizi ababili.

Uhambo luphinde lwaqhubekela eSt. Jutes, kuWadi 21, lapho uMeya ethule khona uMjantshi Esporweni Trading HRH Business Service. Abahlali bakule ndawo bathi lo mgwaqo ubuyisithiyo esikhulu ezimotweni eziphuthumayo nasezikoleni, ikakhulukazi lina imvula.

UMkhwanazi uphothule uhambo lwakhe endaweni yase Nceceni, kuWadi 17, lapho ethule khona usonkontileka uNkonyane Trading, kuqashwe amalunga omphakathi amathathu.

Ube esegcizelela ukuthi umphakathi kumele ubambisane nosonkontileka, uvikele izinto zokusebenza, futhi uqinisekise ukuthi umsebenzi uyaqhubeka ngaphandle kweziphazamiso. ‎