Izindaba

ITHEKU LIKULUNGELE UKUSINGATHA OWE- MTN 8

.MOSES Mabhida Stadium okuzodlalelwa kuyo, owamanqamu weMTN8 ziyi-10 kuMfumfu. ISITHOMBE: MOSES MABHIDA STADIUM

IMENENJA kaMasipala weTheku uMusa Mbhele, iMeya kaMasipala weTheku, uCllr Cyril Xaba noDkt Vusi Mazibuko
ISITHOMBE: ETHEKWINI MUNICIPALITY

OWAMI THABETHE

ITHEKU lithi selikulungele ukusingathwa umdlalo weMTN 8, eMoses Mabhida mhla ziyi-10 kuMfumfu.
IMeya yeTheku, uCllr Cyril Xaba, ukuqinisekisile ukuthi bakulungele ukusingatha lo mdlalo, ozoklama indima enkulu kwezomnotho nezokuvakasha eThekwini.
“ngijabule kakhulu ngesinqumo sePremier Soccer League (PSL), sokuthi owamanqamu weMTN8 2026, ozokuba phakathi kwe-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns uzodlalelwa eMoses Mabhida Stadium,” kubeka uXaba.

Uthe lesi sinqumo sibonisa ukuthi le nkundla iyinsika yemidlalo emikhulu eNingizimu Afrika, nokuthi iTheku liyindawo esezingeni lomhlaba yezemidlalo.

“Sisebenzisana kahle nePSL, abaphathi benkundla, abomthetho, abezimo eziphuthumayo nababambe iqhaza, ukuqinisekisa ukuthi konke kuhamba kahle ngosuku lomdlalo,” kusho uXaba.

Uthe lo mdlalo omkhulu kulindeleke ukuthi udonse izinkulungwane zabalandeli, abavela kulo lonke izwe.
UXaba uthe iTheku lizohlomula kakhulu okubalwa nosomabhizinisi abancane nabakhulu.

Uphinde wanxusa abalandeli ukuthi bahlele uhambo kusenesikhathi, futhi balalele imiyalelo yeziphathimandla ukuze kube nosuku lomdlalo oluphephile nolujabulisayo.