UBHEKWE NGABOMVU UMCIMBI WOKWETHULWA KWE-ALBHAMU YAMAVIYO KUSASA

I-ALBHAMU yaMaviyo esihloko sithi Zulu Omnyama ezokwethulwa kusasa. ISITHOMBE: SITHUNYELWE
NOMCEBO NGEMA
ABATHANDI womculo wa-Amaviyo bayamenywa ukuthi babe ingxenye yokwethulwa kwe-albhamu yaleli qembu esihloko sithi Zulu Omnyama. Lo mcimbi okulindeleke ukuthi uhanjelwe ezinye izikhulu zikahulumeni, uzoqala ngehora lesihlanu ntambama kusasa mhla ziyi-9 kuNcwaba, eCourtyard Theatre eThekwini.
US’bonga Gcwensa ongumholi waleli qembu, ucela abantu ukuthi baphume ngobuningi babo bezozitika ngomculo ohlukahlukene. Uthe bonke abafisa ukuba ingxenye yomcimbi bangashayela le nombolo engu-062 389 8867 babhukhe izihlalo. Abaculi abazonandisa ilaba: uBahubhe, iThwasa Lekhansela, uSanda Magubane, uBoneni, iMalini kanye nabanye abaningi.
