KWETHULWE INDLELA ELULA YOKUTHOLA IZAKHIWO ZIKAHULUMENI NGOBUCHWEPHESHE

UNGQONGQOSHE uMartin Meyer noJohn Steenhuisen ngesikhathi bethula iKZN Public Works Property Finder Portal eMgungundlovu.ISITHOMBE: UMUSA MEDIA
OWAMI THABETHE
ISIFUNDAZWE iKwaZulu-Natal sesibe ngesokuqala eNingizimu Afrika, ukwethula uhlelo lobuchwepheshe oluzovumela umphakathi ukuthi uthole ulwazi ngezakhiwo zikahulumeni kalula, ngaphandle kokuma kolayini abade emahhovisi kaHulumeni. I-KZN Public Works Property Finder Portal, yethulwe nguNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi nengqalasizinda, uMnuz Martin Meyer noMnuz John Steenhuisen oyiphini likaNgqongqoshe wezoHwebo, iZimboni nokuNcintisana kaZwelonke, eMgungundlovu ngoLwesibili mhla zingama-7 kuMfumfu.
UMeyer uthe lolu hlelo luyisinyathelo esikhulu ekwenzeni uhulumeni afinyeleleke kalula emphakathini, ngesikhathi kuvulwa namathuba okuthuthukiswa komnotho.
“Seziphelile izinsuku lapho abantu bekumele balinde kolayini abade emahhovisi oMnyango kaPublic Works, ukuze bathole ulwazi ngezakhiwo zikahulumeni. Manje sebengakwenza lokho besemakhaya abo,” kusho uMeyer.Lolu hlelo lulandela ukucwaningwa kwezakhiwo nomhlaba kahulumeni oyi-10 067, kanti izakhiwo ezingama-81 ezingasetshenziswa sezivulelwe umphakathi ukuthi uphakamise izindlela zokuzisebenzisa.
Osomabhizinisi, abatshalizimali, izinhlangano ezingenzi nzuzo nezakhamizi, bazokwazi ukubuka lezi zakhiwo ebalazweni lobuchwepheshe, baphakamise amaphrojekthi angadala amathuba emisebenzi, amabhizinisi, ezokuvakasha nokuthuthukiswa kwamakhono.Umphakathi uzophinde ukwazi ukubika izakhiwo zikahulumeni ezinganakekelwa, ngenhloso yokuthi zithole izixazululo futhi zisetshenziswe ngendlela ezuzisa umphakathi.
