
I-PIRATES ‘IFAKE UCHATHO’ I-CHIEFS
MZWANDILE MHLONGO
I-ORLANDO Pirates iphinde yakhombisa ukuthi kungani ibizwa ngokuthi yinkosi yamanje ye-Soweto Derby, ngemuva kokunqoba iKaizer Chiefs ngamagoli amabili kwelilodwa ( 2-1) emdlalweni weligi yeBetway Premiership eFNB Stadium, eNasrec, ngoMgqibelo.
Amagoli kaYanela Mbuthuma noTshepang Moremi yiwona aqinisekise ukuthi iPirates igoduka nawo wonke amaphuzu.
Umdlalo uqale ngesivinini esikhulu, womabili amaqembu afuna ukunqoba kusukela ekuqaleni. Ama-Buccaneers aqale kahle kakhulu, ecindezela iChiefs emuva. Umzamo wabo ugqame ngomzuzu wama-24 lapho uMbuthuma ethola igoli lokuqala ngemuva kwephutha emuva kuMakhosi, wenza kwaba 1-0 kwiPirates.
IMpofana ayizange ilahle ithemba. Ngemuva kwemizuzu eyisithupha nje, uPule Mmodi walinganisa ngegoli elishiye unozinti wePirates engenathemba, kwaba 1-1. Isisiwombe sokuqala siphela zibambene, womabili amaqembu anethuba lokunqoba.
Esiwombeni sesibili, umdlalo uqine kakhulu. Ngomzuzu wama-55, uMoremi wenze umlingo wakhe waphumelela ukushaya igoli lesibili lePirates, kwaba 2-1. Leli goli liguqule yonke into.
I-Pirates ibe isiqala ukulawula umdlalo, yadlala ngokuzimisela nokwenze iChiefs yaba nokudideka isilahla amabhola. IChiefs izame ngakho konke okusemandleni ayo, yenza ushintsho, yahlasela ngamandla kodwa iPirates yenze isiqiniseko sokuthi akudluli lutho emumva.
Ngasekugcineni komdlalo. Ngomzuzu wama-90, iChiefs ithole ikhadi elibomvu emva kokuthi u-Inacio Miguel edlalise kabi uGamphani Lungu, okuwabulale kwaqeda ithemba lokugcina lokulinganisa.
Lokhu kunqoba kwe-Pirates kusho ukuthi isinqobe imidlalo eminingi ilandelana kwiKaizer Chiefs emidlalweni yeligi kusukela ngo-2023.
UThapelo Mokobodi uyena okonyeliswe ngokuba umdlali ovelele kulomdlalo wezinkunzi zaseSoweto.
