
ITHEKU LETHULE UHLELO LWEZINHLEKELELE

IWHATSAPP Chatbot.

IMEYA yakuMasipala weTheku uCyril Xaba ngesikhathi ethula i-WhatsApp ChatBot. ISITHOMBE: AYANDA PHOSWA
AKHONA DLAMINI
UMASIPALA weTheku wethule ngokusemthethweni uhlelo olusha lokuxhumana noPhiko Lokulawulwa Kwezinhlekelele (Disaster Management) ngoWhatsApp, mhla ziyi-30 kuMfumfu 2026, eMoses Mabhida eThekwini. .
Lolu hlelo lwethulwe ngokusemthethweni iMeya yeTheku uCllr Cyril Xaba, obalule ukuthi le WhatsApp Chatbot izosebenzisa ubuchwepheshe besimanje, futhi bahlose ngayo ukwenza kube lula futhi kusheshe ukuthi izakhamuzi zibike izigameko zezinhlekelele, zithole ulwazi olubalulekile oluhlobene nokuphepha kwazo.
“Lolu hlelo luzonikeza izakhamuzi ithuba lokuxhumana ngqo noPhiko Lokulawulwa Kwezinhlekelele, zibike izigameko ngesikhathi zisenzeka. Lolu hlelo luzosiza ekusheshiseni ukuphendulwa kwezigameko, ekuxwayiseni umphakathi ngezinhlekelele ezingase zenzeke kusenesikhathi, kanye nasekunciphiseni imithelela yezinhlekelele emphakathini,” kubeka uXaba.
Uphinde waveza ukuthi iWhatsApp Chatbot izosebenzisa ulimi lwesiZulu kanye neSiNgisi, iyakwazi nokucosha indawo okuyo ngobuchwepheshe beGPS.
“Izosebenzisa izilimi ezimbili isiNgisi kanye nesiZulu. Njengoba sethula lolu hlelo lokhu kuyingxenye yemizamo kaMasipala yokusebenzisa ubuchwepheshe ekuthuthukiseni izindlela zokuletha izidingo nezinsiza zomphakathi,” kuqhuba uXaba.
