Uncategorised

UBE IMPUMELELO UMNCINTISWANO WEZIKOLE ZAMABANGA APHANSI E-KZN

UNKSZ Lindiwe Gwala ngesikhathi ethula inkulumo kubafundi nakothisha ebebeyingxenye yomncintiswano. ISITHOMBE: SPHA MBHELE

NOMCEBO NGEMA

UMNYANGO wezeMidlalo, ezamaCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uthi uyakholelwa kakhulu kwisaga esithi libunjwa liseva ezinganeni, ikakhulukazi ezenza uGrade 4 ngokuthi zikhuthazwe ziphinde zifundiswe, ukuze zazi futhi ziqonde ulimi lwebele.
Lokhu kuvezwe uNksz Lindiwe Gwala obambe njengo-Deputy Director General (DDG) kulomnyango esifundazweni, ngesikhathi kunomqhudelwano wezinsuku ezimbili wezikole zamabanga aphansi wesifundo sesiZulu ne-English obusehholo lomtapo wolwazi eWestville, eThekwini namhlanje.

UNksz Gwala uthi namhlanje baklomelisa abafundi ebebemele imikhandlu abaqhamuka kuyona beqhudelana ngokwezinga lesifundazwe.
“Siqale ngomncintiswano lapho bebebizelwa khona amagama bawabhale, baphinde babizelwe igama ebese besho izinhlamvu ezilakhile, ukufunda, ukufinqa indaba nokunye okuningi. Kulomncintiswano besigxile kakhulu kubafundi bebanga lesibili ngoba sisabela kuhlelo loMnyango wezeMfundo oluthi “reading for meaning”, okuwuhlelo abamatasa nalo lokulekelela izingane ukuthi zikwazi ukufunda ngokuqonga, ukuthi okubhaliwe kuqonde ukuthini. Sithi libunjwa liseva ngoba izingane sizithatha zineminyaka eyisi-9 kuya kweyi-10 ngoba kwibanga lesibili abafundi basuke benaleminyaka, ebese bengene kulomncintiswano ukuze ingqondo izoxukuzeka,” kusho uNksz Gwala.

Uqhube wathi sebeluthathile lolu hlelo baluhlanganisa nohlelo olwaziwa ngeZulu Kingdom Experience. “Okwamanje sigxile kakhulu kwisifundo sesiZulu ne-English kodwa siyafisa ukuthi sinyuse izinga sibe ne- Afrikaans nesiXhosa ngoba inqubomgomo yethu lapha esifundazweni, igxile kakhulu kulezifundo ezine eziwulimi lwebele kithina, nakwezinye izinhlanga. Sicela abazali beseke izingane kulolu hlelo ngoba luyalekelela kakhulu ekutheni umqondo wengane, uphaphame ucabange ngokushesha. Siyabonga kakhulu kothisha ngomsebenzi omuhle abawenzile siphinde sibacele ukuthi bazilekelele izingane zingaqali kwibanga lesibili ukuphaphaka kodwa ziqale zingena esikoleni ukuze zicijeke kahle.

Abafundi abadle umhlanganiso umnyango ubaklomelise ngezipho ezinhlobonhlobo kanye nezikole abaqhamuka kuzona.