Izindaba

ISASASA KWIMIDLALO EMADLANGENI

UMPHAKATHI obuphume ngobuningi bawo.

IQEMBU lebhola lomnqakiswano. IZITHOMBE: KZNDSAC

AKHONA DLAMINI

UNCOME umphakathi waseMadlangeni ngokusukumela phezulu ezemidlalo, uNgqongqoshe woMnyango wezeMidlalo ubuCiko namaSiko uMtomuhle Khawula.

Ukusho lokhu ngesikhathi umphakathi uphume ngobuningi bawo ukuyobuka ezemidlalo ezenziwa minyaka yonke, ezibizwa ngokuthi EMadlangeni Sport & Arts Festival ezinkundleni zemidlalo zase-Utrecht High School. Kulo nyaka lo mcimbi ubuxhaswe uMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko ngokubambisana noMasipala waseMadlangeni.

“Sijabulela indlela umphakathi oyijabulele ngayo le midlalo. Iqiniso ukuthi inkunzi isematholeni,” kusho uKhawula.Uqhube wathi umnyango usebenzisana nezinhlangano ezahlukene zezemidlalo, okuhlanganisa ama-federations, ukuze kuqinisekiswe ukuthi amathalente asathuthuka athola ukuqeqeshwa nokwesekwa okufanele.

“Kunama-federations nezinhlangano zezemidlalo esisebenza nazo njengoba ezigxile kakhulu ekuqeqesheni nasekuthuthukiseni. Sisebenzisana nazo ngokubambisana ukuvundulula ithalente. Sinawo no-School Sport okuwuhlelo esibambisene noMnyango wezeMfundo kulo. Ngakho uma sibona abantu abasha abanethalente, kusho ukuthi ikusasa lezemidlalo KwaZulu-Natali likhona,” kusho uKhawula.