Uncategorised

KUQHAKAMBISWE UKULONDOLOZWA KOLIMI LWEBELE KOWOKU-HUMUSHA

PRO NDLOVU

KUQHAKAMBISWE ukulondolozwa kolimi lwebele ngenhloso yokuthuthukisa izilimi zomdabu ngesikhathi kugujwa usuku lokuhumusha nokutolika kwezilimi zomdabu, eMpofana, eMooi River.
UNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula oholwa uMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko, uthe kubalulekile kakhulu ukuthi kulondolozwe ulimi ukuze lungashabalali ngoba ukushabalala kolimi kusho ukushabalala kwesizwe.
“Ulimi liwumgogodla wesiko nobuntu. Uma siqhakambisa ulimi lomdabu asigcini ngokulondoloza ulimi kodwa silondoloza okungamagugu esizwe. Sifundisa intsha ukuthi izazi ukuthi ingobani nemvelaphi ” kusho uNgqongqoshe uKhawula.
uthe ukuhumusha nokutolika kudlala indima enkulu ekuthuthukiseni ulimi ingakho bewuMnyango benebhodi lezilimi elihlalela ukuhumusha nokuqamba kabusha izindawo ngendlela efanele. Inkosi uThemba Mavundla ongusihlalo weKomiti Lezilimi KwaZulu-Natal uthe kubalulekile kakhulu kubungazwa kwalolu suku, ngoba okuyingxenye yokuthi wonke umuntu unelungelo yonke indawo lokuhumushelwa ngolimi lwakhe lwebele.
“ Wonke umuntu uluqonda kangcono ulimi lwakhe. Baningi abantu abebeboshwa phambilini ngenxa yokuthi bekungatolikwa ngendlela eyenza baqonde kancono ezinkantolo, “ kubeka Inkosi UMavundla.

Bewugxile kakhulu ekufundiseni intsha ngokubaluleka kwezilimi zomdabu njengo bekuqhudelana nezikole kwizinkulumo mpikiswano kanye nemidlalo yesintu. UNgqongqoshe Khawula uthi lokhu kuhambela izindawo zasemakhaya kanye nokuhlanganisa intsha esencane bakwenza ngenhloso.

Ephawula ngesiqubulo sakulonyaka esithi ‘Ukubaluleka kokuhlanganisa izilimi zomdabu ndlelazonke’, Phakathi kwabanye akade behambele lomcimbi bekukhona noMnuz Mandla Nozulu ongumdidiyeli wemidlalo kamabonakude ophinde adlale izindima ezahlukene ekuthuthukiseni ulimi njengoba eqhamuke nomdlalo omusha osadayisi oqhakambisa izibongo nezithakazelo zakwaZulu. Kulomcimbi bekunandisa uMjolisi ongene kwachwaza inkundla.