
KUNTSHONTSHWE AMAPHEPHA OKUVOTA E-HILLCREST
AKHONA DLAMINI
AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal aphenya icala lokugqekezwa nokwebiwa kwezinto zokuvota ebezingezekhomishini yezokhetho i-Independent Electoral Commission (IEC), esiteshini sokuvota esiseHillcrest.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe lesi sigameko senzeke phakathi kobusuku bangoLwesibili kuya ekuseni ngoLwesithathu, mhla zi-4 kuNovemba 2026.
“Isikhulu se-IEC esengamele isiteshi sokuvota (Presiding Officer) sifike esikoleni esisetshenziswa njengendawo yokuvota ngoLwesibili kusihlwa, safaka izinto ezibalulekile zokhetho, okubalwa kuzo amaphepha okuvota, kanye nohlu lwabavoti. Sibe sesikhiya isango lesikole ngaphambi kokuba sihambe.
Kubikwa ukuthi bekuneqeqebana labantu ababalelwa kwabayishumi abebebona konke ebesikwenza ngaphakathi kule ndlu yonogada. Lesi sikole besingenaye unogada obezogada ebusuku,” kubeka uNetshiunda.
Uqhube wathi sithe sesifika ngoLwesithathu ekuseni, sathola isango lesikole livuliwe, kukhona nabantu abebemi ngaphandle kwaso.
“Uthe uma eseyobheka endlini yonogada, wathola ukuthi amaphepha okuvota nezinye izinsiza zokhetho sekuntshontshiwe, wabe esebikela amaphoyisa,” kuqhuba uNetshiunda.
