IMARCH AND MARCH IMISE UKUSEBENZISANA NONGIZWE MCHUNU

UMHOLI nomsunguli we-March And March uJacinta Ngobese-Zuma.

UNGIZWE Mchunu ongomunye owaphumela obala waseka iMarch And March. IZITHOMBE: FACEBOOK
AKHONA DLAMINI
INHLANGANO iMarch And March, izolo imemezele ukuthi imise okwesikhashana ubudlelwano bayo bokusebenza noNgizwe Mchunu, kulandela uphenyo lwangaphakathi oluqhubekayo. Isitatimende esikhishwe ile nhlangano sithe uphenyo lwayo luveze izinsolo zokuthi kukhona abantu bangaphandle, okubalwa kubo osopolitiki nosomabhizinisi, okuthiwa bazama ukungenelela ezindabeni zenhlangano nokuba nomthelela ezinqumeni zayo. Le nhlangano ayiwadalulanga amagama abantu okusolwa ukuthi bayabandakanyeka kanye nemininingwane yezinsolo.
IMarch and March ithe ukumiswa kukaMchunu akusho ukuthi usetholwe enecala, kodwa kuyisinyathelo sesikhashana ngesikhathi kusahlolwa lolu daba. Le nhlangano ithe izowazisa umphakathi uma sekuneminye imininingwane noma izinqumo ezithathiwe.Emva kwalesi simemezelo uNgizwe ube esefaka ivideo ezinkundleni zokuxhumana,kule video uNgizwe uveze ukuthi usethi khumu ekubeni ingxenye yeMashi eba njalo ngoLwesine eyaziwa nge- #AbahambeThursday. Uthe ngeke amashe ingunaphakade yena uselinde imiphumela yemashi eyayinkulu kunazo zonke mhla zingama-30 kuNhlangulana okuyinyanga edlule.
“Inhloso yethu akukhona ukuthi siwise umnotho wakuleli lizwe, kodwa besizama ukulungisa inkinga ebisidlangile. Noma singakuzuzanga konke kodwa ngeke simashe ingunaphakade. Mina ngiyabazi ubunzima bokuboshwa, uJacinta noPhakelumthakathi bajabuliswa ilokunakwa abasakuthola. Mina akusangijabulisi lokho, ngakho ke sengilinde imiphumela nje kuphela,” kusho iChunu kwivideo.
