UMKHWANAZI UTHI OSOMATEKISI ABABONA ONKULUNKULU

ULT General Nhlanhla Mkhwanazi ngesikhathi ehola umhlangano ngempelasonto nathe osomatekisi abayeke ukuhlukumeza abantu bamalufiti. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
KWETHUSE abaningi ukuthi uMkhuzi
waMaphoyisa KwaZulu-Natal uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, atshele abanikazi bamatekisi ezikabhoqo, athi ayiphele bayiyeke nya, eyokuhlukumeza abantu abagibela izimoto ezincane nabafuna amalifti, njengoba osomatekisi bebabiza ngamahhundela, bebehlisa ezimotweni babagibelise ematekisini ngenkani.
Lokhu uLt Mkhwanazi ukusho ebabheke ezimpempeni osomatekisi, ngesikhathi enomhlangano nososeshini waKwaMaphumulo nowaKwaDukuza, njengoba kunobukana ngeziqu zamehlo kubangwa umzila, esekwenze kwaba nodlame.
“Hlukanani nokuhlukumeza abantu abasuke behamba ngababili kuya phezulu ezimotweni ezincane nibagibelise ngenkani amatekisi. Uma ngike ngezwa ukuthi kukhona okwenzile lokho ngomisa leyo nkampani yonogada bese ngibophe lowo nogada owenze lokho. Uma kuwumuntu wetekisi ngomisa lowo asoseshini futhi ngibophe lowo owenze lokho. Wonke umuntu unelungelo lokugibela imoto ayithandayo, Nina niyakhohlwa ukuthi anisiyena uNkulunkulu, ” kubhodla uLt Mkhwanazi.
Uthe imigwaqo ingeyabo bonke abantu, akekho umuntu onelungelo lokuphoqa abantu ukuthi
bagibele itekisi kuphela.
Uxwayise ngokuthi noma ubani ozama ukumisa izimoto, noma ukuvimba abantu ukuthi bagibele into abayithandayo uzoboshwa. “Izinhlangano zamatekisi noma izinkampani zonogada ezitholakala zenza lokhu zingavalwa ukusebenza. Amaphoyisa azosebenza ngokuzikhandla ukuvikela amalungelo abantu emigwaqeni,” kuphetha uLt General Mkhwanazi.
