Izindaba

KUSOLWA INHLAMBA NOKULULAZA KUMISWA UKUQOSHWA KWE-BHINCA NATION

UNGIZWE Mchunu oshayela uhlelo iBhinca Nation. IZITHOMBE : INSTAGRAM

AKHONA DLAMINI

KUSOLWA inhlamba nokuchukuluza abantu kumiswa uhlelo lukaNgizwe Mlando Mchunu, olwaziwa ngeBhinca Nation, obelusakazwa ngaphansi kweMacG.

Baningi a bathe ncinci ngesikhathi ukuvela lesi sinqumo sokumisa kohlelo lukaNgizwe Mchunu.
Abanye babhoboke ezinkundleni zokuxhumana bethi vele ayikho into elungayo lapho kunoNgizwe khona, babala lapho make asebenza khona washiya okubalwa uKhozi FM esakaza uSigiya Ngengoma , kwaSABC 1 eshayela iRoots, iVuma FM neMarch and March Movement.

Ngokusho kukaMacG, uthe uhlelo lukaNgizwe luzomiswa okwamanje ngenxa yezindleko eziphezulu zokushuthwa eThekwini, kanti imali engenayo incane kakhulu.

“Sisazozama ukuthola abaxhasi abazokwazi ukuxhasa lolu hlelo ukuze luqhubeke. Uma singabathola abaxhasi, iBhinca Nation ingase iqhubeke, kodwa uma singaphumeleli ukubathola, kungenzeka ivalwe unomphela,” kubeka uMacG.

Abalandeli bakaKhuzani Mpungose, abaziwa ngamaBlue Nation, nabo bazwakalise ukujabula ngalesi sinqumo, bekholwa ukuthi lolu hlelo buludicilela igama leqhawe labo phansi.