
UMKHWANAZI UTHI AKASIFUNI ISIKHUNDLA KUMA-HAWKS

UKHOMISHANA wamaphoyisa KwaZulu Natal uGeneral Lt Nhlanhla Mkhwanazi. ISITHOMBE: FACEBOOK
AKHONA DLAMINI
UKHOMISHANA wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi, usekubeke kwacaca ukuthi akanaso isifiso sokuthatha isikhundla sokuba yinhloko yophiko oluphenya ngobugebengu obubucayi,olwaziwa ngamaHawks, futhi akahlelile nokufaka isicelo salo msebenzi.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa obambile, uProf. Firoz Cachalia, ephakamise igama likaMkhwanazi kulesi sikhundla kulandela ukuhamba kowayeyinhloko yamaHawks, uLieutenant-General Godfrey Lebeya.
UMkhwanazi uthe ukhetha ukuqhubeka nomsebenzi wakhe wokuhola amaphoyisa emsebenzini, wokulwa nobugebengu nokubhekana nezigameko ezisemgwaqweni, kunokuthi ahlala ehhovisi ehola uphiko oluphenya amacala akhethekile.
“Angisiboni lesi sikhundla sifana nesinyathelo esizongikhuphulela phezulu emsebenzini wami, njengoba kunomsebenzi engingakawuqedi wokubhekana nobugebengu nokuhlanza uhlelo lwamaphoyisa KwaZulu-Natal,” kubeka UMkhwanazi.
Lokhu kuqubule imibono yokuthi uMkhwanazi angase abe nezinye izinhlelo ezinkulu emsebenzini wakhe, njengoba abanye bebona ukuthi isikhundla sokuhola amaHawks singase singahambisani nezifiso zakhe zokukhula emaphoyiseni.
